1 Kwathi ngolunye lwezinsuku lezo esafundisa abantu ethempelini, eshumayela ivangeli, abapristi abakhulu nababhali bekanye namalunga bamvukela.
2 Bakhuluma, bathi kuye: “Sitshele ukuthi lokhu ukwenza ngagunya lini, nokuba ngubani okunike leli gunya na?”
3 Waphendula, wathi kubo: “Nami ngizakunibuza izwi, nize ningitshele.
4 Ukubhapathiza kukaJohane kwavela ezulwini noma kubantu na?”