14 “Kepha abalimi beyibona bakhulumisana bathi: ‘Lo uyindlalifa; masiyibulale ukuba ifa libe ngelethu.’
15 Bayiphonsa ngaphandle kwesivini, bayibulala; ngakho-ke umninisivini uzakwenze njani kubo na?
16 Uzakuza, ababhubhise labo balimi, isivini asinike abanye.”Bekuzwa bathi: “Qha, makungabi njalo.”
17 Kepha wababheka, wathi: “Yini, pho, lokhu okulotshiweyo ukuthi:“ ‘Itshe abalinqabayo abakhilona laba yinhloko yegumbi’?
18 “Yilowo nalowo owayo phezu kwalelo tshe uyakuphohlozwa, kepha lowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.”
19 Ababhali nabapristi bafuna ukumbamba khona lapho, kepha besaba abantu, ngokuba bazi ukuthi uwukhulumile lo mfanekiso ngabo.
20 Bamqaphela, bathuma izinhloli ezizishaya abalungileyo ukuba bamhile ngezwi lakhe, baze bamkhaphele emandleni nasegunyeni lombusi wezwe.