13 Kuyakunehlela kube ngubufakazi.
14 Ngakho kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuba ningazindli ngaphambili eniyakuziphendulela ngakho;
15 ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.
16 Yebo, niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubulawa yibo.
17 Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami.
18 Akuyikulahleka nalunwele lwekhanda lenu.
19 Ngokukhuthazela kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu.