14 Ngakho kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuba ningazindli ngaphambili eniyakuziphendulela ngakho;
15 ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.
16 Yebo, niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubulawa yibo.
17 Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami.
18 Akuyikulahleka nalunwele lwekhanda lenu.
19 Ngokukhuthazela kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu.
20 “Kepha nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo.