16 Yebo, niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubulawa yibo.
17 Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami.
18 Akuyikulahleka nalunwele lwekhanda lenu.
19 Ngokukhuthazela kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu.
20 “Kepha nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo.
21 Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, abaphakathi kwalo baphume, abasemaphandleni bangangeni kulo.
22 Ngokuba lezi ziyizinsuku zempindiselo ukuba kugcwaliseke konke okulotshiweyo.