18 Akuyikulahleka nalunwele lwekhanda lenu.
19 Ngokukhuthazela kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu.
20 “Kepha nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo.
21 Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, abaphakathi kwalo baphume, abasemaphandleni bangangeni kulo.
22 Ngokuba lezi ziyizinsuku zempindiselo ukuba kugcwaliseke konke okulotshiweyo.
23 Maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Ngokuba kuyakuba khona ukuhlupheka okukhulu emhlabeni nentukuthelo phezu kwalesi sizwe.
24 Bayakuwa bedliwa yinkemba, bathunjelwe ezizweni zonke; iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.