27 Khona bayakuyibona iNdodana yomuntu iza efwini, inamandla nenkazimulo enkulu.
28 Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.”
29 Wabalandisa umfanekiso wokuthi: “Bhekani umkhiwane nemithi yonke.
30 Nxa isihluma, niyabona, nazi ngokwenu ukuthi ihlobo seliseduze.
31 Kanjalo nani, nxa nibona lezo zinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.
32 “Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke.
33 Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.