31 Kanjalo nani, nxa nibona lezo zinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.
32 “Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke.
33 Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.
34 “Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhu kuphila, lunizume lolo suku ningazelele,
35 ngokuba luyakufika njengogibe phezu kwabo bonke abahlezi emhlabeni wonke.
36 Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka nawokuma phambi kweNdodana yomuntu.”
37 Njalo wayefundisa ethempelini emini, kepha kusihlwa wayephuma ayokulala entabeni ethiwa eyemiNqumo.