1 Kwasondela umkhosi wesinkwa esingenamvubelo othiwa iPhasika.
2 Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuba bangambulala kanjani; ngokuba babesaba abantu.
3 Kepha uSathane wangena kuJuda othiwa u-Iskariyothe engowabayishumi nambili.
4 Wasuka wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna ngokuthi angamkhaphela kanjani kubo.
5 Bathokoza, bavumelana naye ukumnika imali.