23 Base beqala ukubuzana bodwa ukuthi kungase kube ngubani kubo ozakukwenza lokho.
24 Kwavela nokuphikisana phakathi kwabo kokuthi ngumuphi kubo ongathiwa omkhulu.
25 Wayesethi kubo: “Ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, neziphathimandla zazo zithiwa abazenzela okuhle.
26 Kepha nina aninjalo; kodwa omkhulu kini makabe njengomncinyane, nobusayo makabe njengokhonzayo.
27 Ngokuba ngumuphi omkhulu, ohlezi ekudleni noma okhonzayo, na? Akusiye ohlezi ekudleni na? Kepha mina ngiphakathi kwenu njengokhonzayo.
28 Nina-ke ningababekhuthazela nami ekulingweni kwami;
29 nanjengokuba uBaba engimisele umbuso, nami nginimisela wona