25 Wayesethi kubo: “Ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, neziphathimandla zazo zithiwa abazenzela okuhle.
26 Kepha nina aninjalo; kodwa omkhulu kini makabe njengomncinyane, nobusayo makabe njengokhonzayo.
27 Ngokuba ngumuphi omkhulu, ohlezi ekudleni noma okhonzayo, na? Akusiye ohlezi ekudleni na? Kepha mina ngiphakathi kwenu njengokhonzayo.
28 Nina-ke ningababekhuthazela nami ekulingweni kwami;
29 nanjengokuba uBaba engimisele umbuso, nami nginimisela wona
30 ukuba nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.
31 “Simoni, Simoni, bheka, uSathane unifunile ukuba anihlunge njengokolweni;