4 Wasuka wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna ngokuthi angamkhaphela kanjani kubo.
5 Bathokoza, bavumelana naye ukumnika imali.
6 Wavuma-ke, waze wafuna ithuba lokumkhaphela kubo, singekho isixuku.
7 Lwase lufika usuku lwesinkwa esingenamvubelo okumelwe ukuba kuhlatshwe ngalo iphasika.
8 Wathuma oPetru noJohane, wathi: “Hambani niye ukusilungisela iphasika ukuba sidle.”
9 Bathi kuye: “Uthanda ukuba sikulungiselephi na?”
10 Wathi kubo: “Bhekani, seningene emzini niyakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni, niye endlini angena kuyo,