65 Nokunye okuningi akukhuluma kuye emthuka.
66 Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga abantu nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo,
67 bathi: “Uma unguKristu, sitshele.”Wathi kubo: “Uma nginitshela, anisoze nakholwa;
68 noma ngibuza, anisoze naphendula.
69 Kepha kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesokunene samandla kaNkulunkulu.”
70 Base bethi bonke: “Kanti uyiNdodana kaNkulunkulu na?”Wathi kubo: “Nisho khona, ngokuba ngiyiyo.”
71 Bathi: “Pho, sisaswele bufakazi na? Ngokuba sesizwile uqobo lwethu ngomlomo wakhe.”