48 Zonke izixuku ezazibuthanele ukubukela lokho sezibonile okwenzekileyo, zabuyela emuva, zishaya izifuba zazo.
49 Bonke abazana naye nabesifazane ababemlandela bevela eGalile bema kude, bebuka lezo zinto.
50 Bheka-ke, kwakukhona indoda, igama layo nguJosefa, eyilungu lomphakathi, indoda enhle nelungileyo --
51 yona yayingavumanga icebo nesenzo sabo -- eyase-Arimatheya umuzi wabaJuda, eyayibheke umbuso kaNkulunkulu;
52 yona yaya kuPilatu, yacela isidumbu sikaJesu.
53 Yasehlisa, yasisonga ngendwangu enhle, yasibeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, lapho kungakabekwa muntu khona.
54 Kwakulusuku lokulungisela; isabatha lase lizakuqala.