1 Kepha ngosuku lokuqala lweviki, kuntwela ngenzansi, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile.
2 Bafumana itshe ligingqiwe ethuneni.
3 Kuthe bengena, abasifumananga isidumbu seNkosi uJesu.
4 Kwathi besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo.