11 Kepha lawo mazwi aba njengokukhuluma okuyize kubo, kabaze bakholwa yibo.
12 Khona uPetru wasuka, wagijimela ethuneni, wakhothama, wabona izindwangu zizodwa; wamuka, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo.
13 Bheka-ke, ababili babo babehamba ngalona lolo suku, beya emzaneni othiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema amastadiyu* angamashumi ayisithupha.
14 Babekhulumisana omunye nomunye ngazo zonke lezo zinto ezehlakeleyo.
15 Kwathi besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo.
16 Kepha amehlo abo abebambekile ukuba bangamazi.
17 Wathi kubo: “Zindaba zini lezi enikhuluma ngazo omunye nomunye nihamba na?” Base bema benyukumele.