14 Babekhulumisana omunye nomunye ngazo zonke lezo zinto ezehlakeleyo.
15 Kwathi besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo.
16 Kepha amehlo abo abebambekile ukuba bangamazi.
17 Wathi kubo: “Zindaba zini lezi enikhuluma ngazo omunye nomunye nihamba na?” Base bema benyukumele.
18 Omunye, nguKleyophase igama lakhe, waphendula, wathi kuye: “Wena uyisihambi eJerusalema, ungoyedwa ongazazi izinto ezenzekileyo khona ngalezi zinsuku na?”
19 Wayesethi kubo: “Zinto zini na?”Bathi kuye: “NgoJesu waseNazaretha obengumprofethi onamandla ngesenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke,
20 ukuthi abapristi abakhulu nababusi bethu bamkhaphela ukunqunyelwa ukufa, baze bambethela esiphambanweni.