21 Thina-ke besethemba ukuthi nguye ozakuhlenga u-Israyeli; kodwa phezu kwalokho konke sekulusuku lwesithathu lezo zinto zenzekile.
22 Futhi nabesifazane abathile bakithi basethusile, ababeyile ethuneni ekuseni;
23 kuthe bengasifumani isidumbu sakhe, bafika bathi babone nombono wezingelosi ezithi uyaphila.
24 Nabathile babakithi baya ethuneni, bakufumana kunjalo njengokuba beshilo abesifazane, kodwa yena uqobo abambonanga.”
25 Wayesethi kubo: “O nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi!
26 UKristu ubengamelwe yini ukuhlupheka ngalokho, aze angene enkazimulweni yakhe na?”
27 Wayesethathela kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.