24 Nabathile babakithi baya ethuneni, bakufumana kunjalo njengokuba beshilo abesifazane, kodwa yena uqobo abambonanga.”
25 Wayesethi kubo: “O nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi!
26 UKristu ubengamelwe yini ukuhlupheka ngalokho, aze angene enkazimulweni yakhe na?”
27 Wayesethathela kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.
28 Base besondela emzaneni ababeya kuwo yena washaya sengathi udlulela phambili.
29 Bamncengisisa bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula.” Wangena wahlala nabo.
30 Kwathi esehlezi nabo ekudleni, wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika.