31 Amehlo abo ayesevuleka, bamazi; wayesenyamalala kubo.
32 Bathi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?”
33 Base besuka ngasona leso sikhathi, baphindela eJerusalema, bafumana abayishumi nanye nababe nabo behlangene ndawonye,
34 bethi: “Impela iNkosi ivukile, ibonakele kuSimoni.”
35 Base belanda nabo okwenzekileyo endleleni, nokuthi yaziwa kanjani yibo ekuhlephuleni isinkwa.
36 Besakhuluma lokho, yena uqobo wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.”
37 Kepha bashaywa luvalo, besaba bethi babona ithongo.