33 Base besuka ngasona leso sikhathi, baphindela eJerusalema, bafumana abayishumi nanye nababe nabo behlangene ndawonye,
34 bethi: “Impela iNkosi ivukile, ibonakele kuSimoni.”
35 Base belanda nabo okwenzekileyo endleleni, nokuthi yaziwa kanjani yibo ekuhlephuleni isinkwa.
36 Besakhuluma lokho, yena uqobo wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.”
37 Kepha bashaywa luvalo, besaba bethi babona ithongo.
38 Wayesethi kubo: “Nikhathazekeleni na? Kuvelelani imizindlo ezinhliziyweni zenu na?
39 Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yimina uqobo; ngiphatheni, nibone, ngokuba ithongo alinanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho.”