36 Besakhuluma lokho, yena uqobo wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.”
37 Kepha bashaywa luvalo, besaba bethi babona ithongo.
38 Wayesethi kubo: “Nikhathazekeleni na? Kuvelelani imizindlo ezinhliziyweni zenu na?
39 Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yimina uqobo; ngiphatheni, nibone, ngokuba ithongo alinanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho.”
40 Esekushilo lokho wababonisa izandla nezinyawo.
41 Kepha bengakakholwa ngenxa yentokozo bemangala, wathi kubo: “Ninakho ukudla lapha na?”
42 Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo neqa lezinyosi.