4 Kwathi besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo.
5 Besesaba bekhothamela phansi ngobuso, athi kubo: “Nifunelani ophilayo kwabafileyo na?
6 Kakho lapha, kepha uvukile; khumbulani ukukhuluma kwakhe kini eseseGalile,
7 ethi: ‘INdodana yomuntu imelwe ukukhashelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ivuke ngosuku lwesithathu.’ ”
8 Bawakhumbula-ke amazwi akhe.
9 Base bebuya ethuneni, babika konke lokho kwabayishumi nanye nakubo bonke abanye.
10 KwakungoMariya Magdalena, noJowana, noMariya unina kaJakobe; nabanye ababe kanye nabo babatshela abaphostoli lokho.