43 Wakuthatha, wadla phambi kwabo.
44 Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: ‘Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.’ ”
45 Khona wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo.
46 Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu,
47 kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.
48 Nina-ke ningofakazi balezi zinto.
49 Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba; kepha hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.”