6 Kakho lapha, kepha uvukile; khumbulani ukukhuluma kwakhe kini eseseGalile,
7 ethi: ‘INdodana yomuntu imelwe ukukhashelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ivuke ngosuku lwesithathu.’ ”
8 Bawakhumbula-ke amazwi akhe.
9 Base bebuya ethuneni, babika konke lokho kwabayishumi nanye nakubo bonke abanye.
10 KwakungoMariya Magdalena, noJowana, noMariya unina kaJakobe; nabanye ababe kanye nabo babatshela abaphostoli lokho.
11 Kepha lawo mazwi aba njengokukhuluma okuyize kubo, kabaze bakholwa yibo.
12 Khona uPetru wasuka, wagijimela ethuneni, wakhothama, wabona izindwangu zizodwa; wamuka, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo.