14 Namabutho ambuza athi: “Thina-ke, sizakwenzani na?”Wathi kuwo: “Ningamuki muntu lutho ngendluzula, ningamxabheleli; yaneliswani yizinkokhelo zenu.”
15 Abantu besabhekile, bezindla bonke ezinhliziyweni zabo ngoJohane ukuthi ingabe unguKristu yini,
16 uJohane waphendula, wathi kubo bonke: “Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo;
17 oqoma lakhe lokwela lisesandleni sakhe ukushanelisisa isibuya sakhe nokubuthela ukolweni enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”
18 Nangokunye okuningi washumayela ivangeli kubantu, ebayala.
19 Kepha uHerode umtetrarki,* esolwa nguye ngenxa kaHerodiya umkamfowabo nangenxa yakho konke okubi abekwenzile uHerode,
20 wenezela nalokhu kokunye konke, wamvalela uJohane etilongweni.