18 ababezile ukumuzwa nokuphulukiswa ezifweni zabo; nababekhathazwa ngawomoya abangcolileyo baphulukiswa.
19 Isixuku sonke safuna ukumthinta, ngokuba kwakuphuma kuye amandla abaphilisa bonke.
20 Wayesephakamisela amehlo akhe ngakubafundi bakhe, wathi:“Nibusisiwe nina bampofu,ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu.
21 Nibusisiwe nina balambileyo kalokhu,ngokuba niyakusuthiswa.Nibusisiwe nina bakhalayo kalokhu,ngokuba niyakuhleka.
22 Nibusisiwe, nxa abantu benizondananxa benicwasa, benithuka,belilahla igama lenu ngokungathi libingenxa yeNdodana yomuntu.
23 “Thokozani ngalolo suku, nigxume; ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi.
24 “Kepha maye kinina bacebileyo,ngokuba niyamukele induduzo yenu!