23 “Thokozani ngalolo suku, nigxume; ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi.
24 “Kepha maye kinina bacebileyo,ngokuba niyamukele induduzo yenu!
25 Maye kinina basuthiyo kalokhu,ngokuba niyakulamba!Maye kinina bahlekayo kalokhu,ngokuba niyakulila, nikhale!
26 Maye kinina,nxa abantu bonke bekhuluma kahle ngani,ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi bamanga!
27 “Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo,
28 nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo.
29 Okushaya esihlathini, mnike nesinye; nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi.