26 Maye kinina,nxa abantu bonke bekhuluma kahle ngani,ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi bamanga!
27 “Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo,
28 nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo.
29 Okushaya esihlathini, mnike nesinye; nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi.
30 Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye.
31 Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo.
32 “Uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zithanda abazithandayo.