35 Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi.
36 Yibani nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu.
37 “Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.
38 Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”
39 Wabatshela nomfanekiso wokuthi: “Impumputhe ingahola impumputhe na? Aziyikukhalakathela emgodini zombili na?
40 Umfundi kaphezu komfundisi; kepha yilowo ophelelisiwe uyakuba njengomfundisi wakhe.
41 “Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kanti ugongolo olukwelakho iso awuluboni na?