44 Ngokuba yilowo nalowo muthi waziwa ngesithelo sawo. Akukhiwa kambe amakhiwane emeveni, nezithelo zomvini azikhiwa ejikijolweni.
45 Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
46 “Ningibizelani ngokuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ ningakwenzi engikushoyo, na?
47 Yilowo nalowo oza kimi, ezwe amazwi ami, awenze, ngonikhombisa lowo afana naye.
48 Ufana nomuntu owayakha indlu, wemba washonisa, wabeka isisekelo edwaleni. Ekufikeni kwesikhukhula umfula washaya leyo ndlu, kepha wawungenamandla okuyinyakazisa, ngokuba yayakhiwe kahle.
49 Kodwa ozwayo engenzi unjengomuntu owakha indlu emhlabathini ingenasisekelo; umfula wayishaya, yawa masinyane; kwaba kukhulu ukudilika kwaleyo ndlu.”