1 Kwathi eseqede onke amazwi akhe ezindlebeni zabantu, wangena eKapernawume.
2 Inceku yenduna yekhulu ethile ethandekayo kuyo yayigula, isizakufa.
3 Isizwile ngoJesu yathuma amalunga abaJuda kuye, imcela ukuba eze ayisindise inceku yayo.
4 Esefikile kuJesu amncenga kakhulu, ethi: “Ifanele ukuba uyenzele lokho,
5 ngokuba ithanda isizwe sakithi; yiyo esakhele isinagoge.*”
6 UJesu wayesehamba nawo.Kepha engasekude nendlu, induna yekhulu yathumela kuye abahlobo, bathi kuye: “Nkosi, ungazihluphi, ngokuba angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami.
7 Ngakho angizibonanga ukuthi ngifanele ukuza kuwe; kepha yisho izwi, khona inceku yami iyakusinda.