17 Kwaphumela leli zwi ngaye kulo lonke iJudiya nakulo lonke langakhona.
18 Abafundi bakaJohane bambikela ngazo zonke lezo zinto.
19 UJohane wayesebiza ababili kubafundi bakhe, wabathumela eNkosini, wathi: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?”
20 Amadoda esefikile kuyo athi: “UJohane uMbhapathizi usithumele kuwe, ethi: ‘Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?’ ”
21 Ngalowo mzuzu yayiphulukisa abaningi ezifweni nasebuhlungwini nakomoya ababi; nezimpumputhe eziningi yazipha ukubona.
22 Yaphendula, yathi kuwo: “Hambani nimlandise uJohane lokho enikubonile nenikuzwile ukuthi: Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli;
23 ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.”