20 Amadoda esefikile kuyo athi: “UJohane uMbhapathizi usithumele kuwe, ethi: ‘Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?’ ”
21 Ngalowo mzuzu yayiphulukisa abaningi ezifweni nasebuhlungwini nakomoya ababi; nezimpumputhe eziningi yazipha ukubona.
22 Yaphendula, yathi kuwo: “Hambani nimlandise uJohane lokho enikubonile nenikuzwile ukuthi: Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli;
23 ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.”
24 Sezimukile izithunywa zikaJohane, yaqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, ithi: “Naphuma naya ehlane ukuyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na?
25 Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe izingubo ezinothonotho na? Bhekani, abembethe okukhazimulayo, betamasa, basezindlini zamakhosi.
26 Kodwa naphuma ukuyobonani na? Umprofethi na? Yebo, ngithi kini: Odlula umprofethi.