2 nabesifazane abathile ababephulukiswe kubo omoya ababi nasezifweni: uMariya obizwa ngokuthi uMagdalena, okwakuphume kuye amademoni ayisikhombisa,
3 noJowana umkaKhuza, induna kaHerode, noSusana, nabanye abaningi ababebakhonza ngempahla yabo.
4 Sekubuthene kuye isixuku esikhulu sivela emizini ngemizi, wakhuluma ngomfanekiso, wathi:
5 “Kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela imbewu yakhe. Ekuhlwanyeleni kwakhe enye yawela ngasendleleni; yanyathelwa, izinyoni zezulu zayidla, zayiqeda.
6 Enye yawela edwaleni; kuthe imila, yabuna, ngokuba ingenamswakama.
7 Enye yawela phakathi kwameva, kwaze kwathi ameva esemila kanye nayo, ayiminyanisa.
8 Enye yawela emhlabathini omuhle; kuthe imila, yathela ngekhulu.”Ekusho lokhu wamemeza wathi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.”