26 Bafika ngomkhumbi ezweni lamaGerasa elibhekene neGalile.
27 Esephumele emhlabathini, kwamhlangabeza indoda ethile yomuzi eyayinamademoni; kwase kuyisikhathi eside ingembathi ngubo, ingahlali endlini kodwa emathuneni.
28 Isimbona uJesu yadazuluka, yawa phansi phambi kwakhe, yathi ngezwi elikhulu: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngiyakuncenga, ungangihluphi.”
29 Ngokuba wayala umoya ongcolileyo ukuba aphume kulowo muntu. Ngokuba wayesembambe kaningi; walindwa eboshwe ngawozankosi nangamaketanga ezinyawo; kepha wathi esegqabule izibopho, waqhutshelwa yidemoni ehlane.
30 UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho?”Wathi: “ULegiyona,*” ngokuba amademoni amaningi ayengene kuye.
31 Amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha.
32 Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni; amncenga ukuba awavumele angene kuzo; wawavumela.