37 Abantu bonke bakulelo zwe lamaGerasa bamcela ukuba amuke kubo, ngokuba babephethwe ngukwesaba okukhulu; yena wayesengena emkhunjini, waphindela emuva.
38 Kepha indoda okuphume kuyo amademoni yamnxusa ukuba ibe naye; kodwa wayimukisa, ethi:
39 “Buyela ekhaya, ulande ukuthi kungakanani uNkulunkulu akwenzele khona.” Wamuka elanda emzini wonke ngokuthi kungakanani abekwenzelwe nguye uJesu.
40 Kepha ekubuyeni kwakhe uJesu isixuku samthakazela; ngokuba bonke babembhekile.
41 Bheka, kwafika indoda, nguJayiru igama layo, ingumphathi wesinagoge,* yaziphonsa phansi ngasezinyaweni zikaJesu, yamncenga ukuba angene endlini yayo.
42 Ngokuba yayinendodakazi eyodwa kungathi ineminyaka eyishumi nambili, yona isifa.Kepha esahamba, izixuku zamminyanisa.
43 Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, esekhokhele izinyanga konke abephila ngakho, engenakuphulukiswa muntu,