1 Wayesebabizela ndawonye abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke nokuphulukisa izifo.
2 Wabathuma ukushumayela umbuso kaNkulunkulu nokuphulukisa.
3 Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela, naludondolo, nasikhwama, nasinkwa, namali, ningabi namabhantshi amabili.
4 Nakuyiphi indlu eningena kuyo, hlalani lapho, nize nimuke khona.
5 Bonke abanganamukeliyo, anothi nxa nimuka kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, kube ngubufakazi ngabo.”
6 Bamuka-ke, bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke.