15 Benze njalo, babahlalisa bonke.
16 Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku.
17 Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, iziqabetho eziyishumi nambili.
18 Kwathi ekhuleka ngasesitha, abafundi babe naye; wababuza ethi: “Abantu bathi ngingubani na?”
19 Baphendula bathi: “UJohane uMbhapathizi; kepha abanye bathi: Ngu-Eliya; abanye kodwa bathi: Kuvukile umprofethi othile wabadala.”
20 Wayesethi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?”UPetru waphendula wathi: “UnguKristu kaNkulunkulu.”
21 Wabayala, wagcizelela ukuba bangatsheli muntu lokho,