36 Kwathi livela izwi, uJesu wafunyanwa eyedwa. Bathula bona, ngaleyo mihla kabatshelanga muntu neyodwa yalezo zinto abazibonileyo.
37 Kwathi ngangomuso sebehlile entabeni, isixuku esikhulu samhlangabeza.
38 Bheka, indoda yasesixukwini yamemeza yathi: “Mfundisi, ngiyakunxusa ukuba ubheke indodana yami, ngokuba yiyo yodwa kimi.
39 Bheka, umoya uyayibamba, idazuluke masinyane; uyihlukumeza, ikhihlize amagwebu, amuke kuyo eseyizukile.
40 Ngibanxusile abafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.”
41 UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani, nginibekezelela, na? Yilethe lapha indodana yakho.”
42 Kuthe iseza, idemoni layiwisa phansi, layihlukumeza kakhulu; uJesu wamkhuza umoya ongcolileyo, wamphulukisa umfana, wambuyisela kuyise.