53 Kepha awamamukelanga, ngokuba ubuso bakhe babubheke eJerusalema.
54 Kuthe abafundi bakhe oJakobe noJohane sebekubonile lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwaqede, na?”
55 Kepha waguquka, wabakhuza wathi: “Anazi ukuthi ningabomoya muni.
56 Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukubhubhisa imiphefumulo yabantu kodwa ukuyisindisa,” base beya komunye umuzi.
57 Kwathi behamba endleleni, umuntu othile wathi kuye: “Ngizakukulandela, noma uya ngaphi.”
58 UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”
59 Wayesethi komunye: “Ngilandele.”Wathi yena: “Ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.”