18 Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.
19 Eseqhubekile ingcosana wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini, belungisa amanetha.
20 Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela.
21 Bangena eKapernawume. Kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni,* wafundisa.
22 Bamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali.
23 Kwakukhona-ke esinagogeni* umuntu onomoya ongcolileyo, wamemeza,
24 wathi: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani -- ungoNgcwele kaNkulunkulu.”