20 Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela.
21 Bangena eKapernawume. Kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni,* wafundisa.
22 Bamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali.
23 Kwakukhona-ke esinagogeni* umuntu onomoya ongcolileyo, wamemeza,
24 wathi: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani -- ungoNgcwele kaNkulunkulu.”
25 UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye!”
26 Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye.