26 Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye.
27 Bethuka bonke, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu? Yisifundiso esisha esinamandla; nawomoya abangcolileyo uyabayala, bamlalele.”
28 Udumo lwakhe lwase lwanda masinyane kuso sonke isifunda saseGalile.
29 Sebephume esinagogeni* bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane.
30 Umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane; bashesha bamtshela ngaye.
31 Waya kuye, wamlulamisa embamba ngesandla; umkhuhlane wamyeka, wabakhonza.
32 Kwathi ukuba kuhlwe, selishonile ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nabakhwelwe ngamademoni.