32 Babesendleleni bekhuphukela eJerusalema; uJesu wayehamba phambi kwabo; ababelandela babethukile, besaba. Wayesethatha futhi abayishumi nambili, waqala ukubatshela okuzakumehlela, ethi:
33 “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife, bayikhaphele kwabezizwe;
34 bazakuyiklolodela, bayikhafulele ngamathe, bayishaye, bayibulale; kepha emva kwezinsuku ezintathu izakuvuka.”
35 Kwase kusondela kuye oJakobe noJohane amadodana kaZebedewu, bathi kuye: “Mfundisi, siyathanda ukuba usenzele lokhu esizakukucela kuwe.”
36 Wathi kubo: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?”
37 Bathi kuye: “Siphe ukuba sihlale, omunye ngakwesokunene sakho, omunye ngokwesokhohlo sakho enkazimulweni yakho.”
38 Kepha uJesu wathi kubo: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engisiphuzayo mina, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo na?”