8 labo ababili bayakuba nyamanye; ngakho abasebabili, kepha sebenyamanye.
9 Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu makungahlukaniswa ngumuntu.”
10 Besendlini abafundi babuye bambuza ngalokho.
11 Wathi kubo: “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga kuye.
12 Naye, uma elahla indoda yakhe, agane enye, uyaphinga.”
13 Khona baletha kuye abantwanyana ukuba abaphathe; kepha abafundi babakhuza.
14 Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.