7 Baliletha ithole kuJesu, babeka izingubo zabo phezu kwalo, wakhwela kulo.
8 Abaningi bendlala izingubo zabo endleleni, abanye amahlamvu ababewagawule endle.
9 Ababehamba phambili nababelandela bamemeza bathi:“Hosiyana!Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.
10 Ubusisiwe umbuso ozayo kababa uDavide.Hosiyana kweliphezulu!”
11 UJesu wangena eJerusalema, waya ethempelini; esekubukile konke waphuma, sekuhlwile, waya eBethaniya kanye nabayishumi nambili.
12 Ngangomuso ekuphumeni kwabo eBethaniya walamba.
13 Wabona umkhiwane ukude, unamaqabunga, wasondela ethi mhlawumbe angathola utho kuwo; esefikile kuwo akafumananga lutho, amaqabunga odwa, ngokuba kwakungesiso isikhathi samakhiwane.