15 Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu,* ngimbone.”
16 Bamletha. Wayesethi kubo: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?”Bathi kuye: “NgokaKesari.”
17 UJesu wathi kubo: “Nikani uKesari okukaKesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”Bamangala ngaye.
18 Khona kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza bathi:
19 “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu, eshiya umkakhe engashiyi mntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.
20 Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa, owokuqala wathatha umfazi; wafa engashiyanga nzalo.
21 Nowesibili wamthatha; naye wafa engashiyanga nzalo; kanjalo nowesithathu.