36 UDavide uqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele ukuthi:“ ‘INkosi yathi eNkosini yami:“Hlala ngakwesokunene sami,ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.” ’
37 “UDavide uqobo lwakhe umbiza ngokuthi iNkosi. Pho, uyindodana yakhe kanjani na?”Isixuku esikhulu sasimuzwa ngokujabula.
38 Ekufundiseni kwakhe wathi: “Xwayani ababhali abathanda ukuhamba bembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini,
39 nezihlalo eziphambili emasinagogeni,* nezindawo ezingenhla ekudleni,
40 abadla izindlu zabafelokazi, bekhuleka isikhathi eside ngokuzenzisa; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.”
41 Wayesehlala phansi maqondana nomphongolo womnikelo, wabuka isixuku sibeka umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babeka kakhulu.
42 Kwase kufika umfelokazi ompofu wabeka amafadingi* amabili okuyisitebela.*