7 “Kepha labo balimi bakhuluma bodwa, bathi: ‘Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, ifa libe ngelethu.’
8 Base beyibamba bayibulala, bayiphonsa ngaphandle kwesivini.
9 “Uzakwenzani umninisivini na? Uzakuza, ababhubhise labo balimi, isivini asinike abanye.
10 Aniwufundanga yini lo mbhalo othi:“ ‘Itshe abalinqabayo abakhilona laba yinhloko yegumbi;
11 lona lavela eNkosini;liyisimangaliso emehlweni ethu,’ na?”
12 Base befuna ukumbamba, kepha besaba isixuku; ngokuba bazi ukuthi ukhulume lo mfanekiso ngabo. Base bemshiya bamuka.
13 Khona abanye babaFarisi nabakaHerode bathunyelwa kuye ukuba bamhile ngezwi.